02/04/2026
TikTok · Lusiba 3194 likes, 14 comments. “Hustle&Rise 🔥🔥 High flying high 👌🏽17 October 2025 release 📆 date”
Music is life
02/04/2026
TikTok · Lusiba 3194 likes, 14 comments. “Hustle&Rise 🔥🔥 High flying high 👌🏽17 October 2025 release 📆 date”
31/03/2026
Keeping yourself in a state of constant evolution is the key to moving from simply surviving to truly thriving. In a world that never stops changing, staying static is actually a form of falling behind.
01/03/2022
Siyanibingelela
Bonke abazali babafundi base Qoqisizwe bayamenywa emhlanganweni kusasa
Sanibonani
Bonke abafundi bakwa 10B bayacelwa kusasa eskoleni baphathe izincwadi ze Accounting. Ngokunjalo naba kwa 11B bona baphathe izincwadi ze Accounting ne Business Studies. Iskhathi u 8H30. Thank you
10/02/2022
Grade 11, Grade 12, Educators and SGB intervention
Siyanibingelela bazali
Sicela okwamanje abafundi beze eskoleni ngokohlelo olwaluhlelwe iskole ngaphambilini. Okwamanje iskole sisakhethwe kanye nezinye ukubambela ama workshop othisha njengoba kwalinyazwa iteachers centre. Kuzothi uma kuphela loluhlelo kungekudala bese beza bonke abafundi. Kusukela ksasa akuze labo abasohlelweni lokuza abanye sibagcine emakhaya ingako singashongo lutho kubo.
Siyabonga
Congratulations to our 2021 matric class who achieved 77,9 % overall pass rate with 35 Bachelors,23 Diplomas, 23 Higher certificates and a total of 10 Distinctions 👏👏👏
Siyanibingelela
Unyaka wokufunda ka 2022 uyaqala ngokusemthethweni on Wednesday. Kucelakala bonke abafundi base Qoqisizwe ukuthi bazolanda istationery kusasa (18/01/22).
Qikelela lokhu okulandelayo
☆wonke umfundi afake umfaniswano ophelele
☆wonke umfundi afike ngalesi sikhathi 8-8h30
☆abafundi ekade befunda la ngonyaka ophelile baphathe ama report abo.
Siyabonga niwuhlabe niwulawule
05/01/2022
Isimemezelo: Bonke abanesifiso sokuba abantwana babo bafunde eQoqisizwe kulonyaka bayaziswa ukuthi ukubhalisa kuyaqala ngomhlaka 10 ngo 8H00 ekuseni.
Okubalulekile umntwana uphelezelwa umzali noma ombhekile baphathe loku okulandelayo:
*ireport yebanga elidlule
*itransfer letter yeskole aphuma kuso
*icopy ye ID yakhe noma ibirth certificate
*icopy ye ID yomzali noma yombheki wakhe
Siyabonga🙏🙏
09/12/2021
Siyanibingelela bazali
Ngenxa yokuphazamiseka ekuqaleni kweviki ngesikhalazo sikagesi okungakadluleki kuso namanje, kube sekuba nokulibaziseka kokukhishwa kwemiphumela yabafundi njengokuhlela kwesikole ngaphambilini. Sicela ukunazisa ke ukuthi uhlelo olusha selumi kanje:
Grade 8 & 9 ama reports bazowathola on Monday.
Grade 10 & 11 bawathole on Tuesday (ngeviki elizayo)
Nisize niwuhlabe niwulawule!
SIYABONGA🙏🙏🙏
22/10/2021
Matric 2021 pledge signing