26/09/2026
UKUKHULA KWENSIZWA:
Kunesigaba sempilo lapho umfana abona khona ukuthi "ey, umuntu useyakhula ngempela, akaseyona ingane." Lento yenzeka uma eseneminyaka ethi ayibe la ku 14-15 years, imzimba yabantu ayifani, abanye kuyashesha kunabanye.
Yila uqala khona ukubona ukuthi umzimba wakho uyashintsha. Izwi liyaqala ukuba nebhesi, kuqala kuvele intshetshana eyodwa eeende, uboya emakhwapheni, nakwisitho sangasese, umzimba nje uqala ukwakheka ngenye indlela entsha. Lesi sigaba sempilo akumele ube namahloni ngaso, sonke sadlula lapho, ngoba kuyingxeye yemvelo yokukhula komuntu.
Uma konke lokho kwenzeka, kunokunye futhi okumqoka okuqalayo...
Njengoba umzimba ushintsha ngalendlela, umzimba uqala ukukhiqiza lokho osiyazi abakubiza nge testosterone, ibaningi manje kunasekuqaleni. Okusho ukuthi amasende ayaqala manje akhiqiza isidoda. Yilapho-ke ekuqala khona indaba enkulu. Ekuseni uvuka limile ngaphandle kokuthi kukhona into obuyicabanga kade ulele. Naseskoleni kuyaqala kuba inkinga manje, ngoba uthole ukuthi uzihlalele phansi awucabangi ntombazane, ivele ivuke imakwabo ime ngezinyawo. Angiphathi uma kuzongena i period kanti vele nawe uhlala ngaphambili, bese uthisha eyakukhomba ethi "sula ibhodi", nguwe-ke lo uyolisula ufake isandla ephaketheni, thina-ke abanye sisuke sazi ukuthi yini ekuhlasele futhi sikuqonda kahle, yingakho sithula sikubula nje, lenye i gender ayazi nokuthi lidumephi njengoba usula ufake isandla 😂 Lokho kumele kungakuthusi, futhi akusho ukuthi unomqondo ongcolile, kukhombisa impilo.
Yingakho usuzoqala manje uthi uyavuka ekuseni, hhayibo! I-under yakho imanzi nte! Okusho ukuthi ushawe izibulo, congratulations. Usuyakwazi ukukhanda ingane, kodwa hhayi manje phela, kusamele uqede isikole kuqala.
Usuzoqala manje uzithole usuvukelwa ngendlela ongayijwayele, bese uyaqala ushaye indlwabu. Yebo, lento ayifikanga nawe, ngamanye amazwi you didn't invent it. Yinto endala eyayenziwa ngisho emandulo. Uma uyinsizwa yasemakhaya, uboke ubuze ikhehla olaziyo elingenankinga nokuxoxa, ulibuze ngenhlonipho liyokuchazela ukuthi kwabona yinto ababeyenza besalusa izinkomo. Ubobuza, bayokuchazela, ngisho ngoba nami ngake ngazibuza ukuthi bona babenzenjani, langichazela ikhehla lakithi, angihlekanga kanje. Lapho ngabona khona ukuthi ezinye izinto aziqali ngathi, kaaade zaqala, singakazalwa nokuzalwa. Kodwa-ke watch out, ungazitholi nawe ungasalawuleki, ngoba ungaze utholakale ekuseni uthule, ibhulukwe lisemaqakaleni. Akekho umuntu wesilisa ofisa ukuhamba kanjalo emhlabeni
Ngelinye ilanga eHigh School, kukhona uthisha wesilisa owake wasichazela izinto ezenzakalayo esigabeni esikusona sempilo, sathula negenge yami sixakekile sizibuza ukuthi "wazi ngani njengoba emdala kangaka?" Kanti cha, uyasikhombisa ukuthi nawe wadlula kusona lesi sigaba, akazange avele abe mdala. Safunda futhi lapho, yingakho ngimkhonzile umuntu omdala okwaziyo ukuzehlisa abe kulesi sigaba sempilo engikuso noma wena okuso, ngoba uyakwazi ukukululeka kahle.
Uyaqala manje namantombazane uwabona ngenye indlela njengoba ukhula nje. Uqala ukubona oyithandayo, ucabange ngayo kakhulu uze umoyizele ubala ngenxa ye movie esekhanda lakho. Ugcina futhi uyibingelela njalo noma uyodlula njalo ngakubo ukuze izoyibona, kodwa ingebhe isuke isami ngenhla. Usuke usayigwala leli lokuqina, uma nje kungathiwa iyakubiza ithi "yah ngihlezi ngikubona ukuthi kukhona ofuna ukukusho, kusho manje." Weee ungavele umchamo wehle ngemlenze fast, mhlawumbe uquleke khona lapho noma ubanjwe amalimu angakaze akubambe before.
Kodwa kukho konke, nakhu insizwa esakuleli zinga ekumele ikwazi kahle kamhlophe:
Ukufisa ukuzibandakanya ocansini, akusho ukuthi kufanele uye ocansini. Umqondo kanye nomzimba wakho awukakakulungeli lokhu, yize uzizwa sengathi usukulungele. Cha! Yingakho insizwa kumele ifunde ukuzilawula. Uboqaphela, imvamisa labo abajaha ukuzibandakanya, akuphethi kahle. Basheshe bakhulelwe, bathole izifo zocansi njalo njalo. Yingakho kumele ungazikhohlwa izimfundiso zabazali bakho. Linda, especially uma usase High School, usuke usamncane. Linda, umzimba wakho ukhule ngokwanele. Qinisa esikoleni kuqala, uphase umatric wakho kahle. Emva kwalokho, usazobona ukuthi mahle kanjani amantombazane la ngaphandle.
Zithande nakekela umzimba wakho, geza, ugcobe unuke kahle, washa izingubo ube clean, zijwayeze nokujima. Uzobona, emqondweni wakho uzobona sengathi wonke amantombazane ayakufuna, kanti cha! Kuhle kakhulu ukuzithanda zinsizwa. Uthwala kanzima uma ugeje lesi stage sempilo. Indaba yokuba unukane umdala, ayikho intombazane efuna unukane. Hlonipha nje nabantu ikakhulukazi ongabazi. Ungathuki inhlamba, qaphela nezinto ozikhulumayo nozibhalayo, ungadeleli abantu ngoba nakhu ucabanga ukuthi vele ngikude ngeke bengithole, zihlonophe ukuze nomhlaba uzokuhlonipha. Uma ubona enye insizwa ihamba nentombazane wena ihleli negenge yakho, ungabi isishimane esizama ukudicilela phansi isithunzi salenyo nsizwa ngokuthi ubingelel intombazane bese uthi "waze wahamba wedwa." Ubushimane lobo, obubi kakhulu ngoba uma usho njalo, usuzidalele isitha ngenxa nje yokuthi ufuna igenge yakho ihleke. Leyonsizwa ngeke ikhohlwe, IsiZulu sithi "umenzi uyakhohlwa, kodwa umenziwa akakhohlwa.
Hlonipha, zithande! Yizinto lezi ezinye kini abangeke bekufundise zona, bathemba ukuthi uyothola uMqeqeshi Wezinsizwa akuvule amehlo!