Nomavimbela High School

Nomavimbela High School Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Nomavimbela High School, School, Umbumbulu.

Isikole sethu namhlanje sihlangane nabakwa Islamic Relief Worldwide lapho bekuzoxoxwa ngezinhlelo zokuthuthukisa isikole...
27/03/2026

Isikole sethu namhlanje sihlangane nabakwa Islamic Relief Worldwide lapho bekuzoxoxwa ngezinhlelo zokuthuthukisa isikole lomhlangano buhanjelwe ikhansela u M.P Mkhize,Induna u Baba u Nene Kanye namalunga e SGB.

05/02/2026

Sanibona

Sibingelela sibuhlungu namuhla ngokwazisa ngokudlula emhlabeni kuka Miss Zandile Mvuna obesebenza esikoleni sethu njengompheki iminyaka engaphezulu kwemibili.

u Miss Mvuna uke waba yilunga le SGB eminyakeni edlule,isikole sidabuke kakhulu ngokudlula kwakhe

2 uSamuweli 14:14 ZUL59
Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa.

Aphumule ngokuthula.

12/01/2026

Class of 2025 Nomavimbela 87.2 % .siyabonga siyajabula

03/01/2026

Siyabingelela onyakeni omusha

Sikhumbuza abafundi bethu bakwa grade 12 (2026)ukuthi ngomsombuluko mhlaka 5 bayaqala ukufunda. Basiphathele amaphepha Kanye no R50 njengesivumelwano esaba naso emhlanganweni wabazali wokugcina.

Abafundi abazokwenza u Grade 8 bayaqhubeka nokubhalisa ngomsombuluko.

Siyabonga.

03/12/2025

Mzali

Siyabingelela egameni lezemfundo,siyazisa futhi siyakhumbuza ukuthi imphumela yabafundi yokuphela konyaka izotholakala kusasa Mhlaka 04 December 2025 ngo 09:00 ekuseni.

Umzali uzophinde athole nohlu lwezidingo zomfundi ezidingakala ngonyaka ozayo.

Abazali bayanxuswa ukuba bangathumeli bazizele bona eskoleni.

Siyabonga

Notice!For youth under the age of 18-35
20/11/2025

Notice!
For youth under the age of 18-35

Namuhla sibungaze umfundi wethu u Thandolwethu Zamisa ophumelele kumqhudelwano wamakhono ubuhlelwe inhlangano esisebenzi...
24/10/2025

Namuhla sibungaze umfundi wethu u Thandolwethu Zamisa ophumelele kumqhudelwano wamakhono ubuhlelwe inhlangano esisebenzisana nayo u ONEVOICE SA

Suyiziqhenya ngawe MaZamisa

22/10/2025
Namuhla sibenenhlanhla yokuvakashelwa abaphathi bezwi lika Nkulunkulu beholwa u Mfundisi uNdlovu webandla lama ZCC khona...
22/10/2025

Namuhla sibenenhlanhla yokuvakashelwa abaphathi bezwi lika Nkulunkulu beholwa u Mfundisi uNdlovu webandla lama ZCC khona endaweni,abefundisi bakhulekele ukubhala okuhle Kubafundi bakwa Grade 12 baphinde bakhipha nezaluleleko.

Siyabonga

04/10/2025

Address

Umbumbulu

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nomavimbela High School posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share

Category