24/07/2026
Siyabingelela,
Iqembu lethu labafana labangaphansi kwayiminyaka engu-19 (Under-19 Male Soccer Team) lase-Ndlovana High School lifike esigabeni esibaluleke kakhulu se-District Round kumncintiswano we-Kay Motsepe Schools Football Tournament!
kulo Mgqibelo , abafana bethu bazobe bebanga indawo yokudlulela esigabeni sesi Fundazwe (Provincial Round). Njengoba lemidlalo idlalelwa lapha ekhaya, sidinga umphakathi wonke waseNdlovana ube ngemuva kwabo.
Siyanicela nize ngobuningi benu nizosekela, nihlabelele, ninikeze abafana bethu amandla nomfutho wasekhaya! Ukuba khona kwenu kuzobanika omkhulu umdlandla.
🗓 Usuku: NgoMgqibelo, 25 uJulayi 2026
📍 Indawo: Maqhingendoda Sports Field
⏰ Isikhathi: imidlalo izoqala ekuseni ngo 9:00