09/09/2024
BAZALI BAZALI!
Ake nithathe ithuba nifunde okubhaliwe kwi page, ningenzeli phansi abantwana benu ngenxa yokuvilapha ukufunda. Imibuzo eminingi ebuzwa kwi inbox, iphendulekile kuma post amaningi.
Asenze kanjena ke :
UkukhanyakoMsinga uhlobo lwe Special School esibizwa ngo SID (Severe Intellectual Disabilities). Okusho ukuthi abantwana abathathwa noma abafunda khona, abangakhoni/abangakhonanga ukuthi bakhule kahle ngo kuphelele ngokomqondo, singasho ukuthi abanokuphazamiseka ngokomqondo.
Angishongo ke ukuthi abahlanyayo, ningayisho leyonto, akusiyo!
Abanye kusuke kungukuhluleka nje esikoleni, asale kakhulu kwabangangaye kodwa uthole ukuthi unekhono lomsebenzi wezandla. Kunama class ekuthiwa ama “Skills” abawaqala uma befika kwiminyaka engu 16 - ukwenza izinwele, ukuthunga, ukupheka/ukubhaka, ukwenza ubuhlali kanye nokunye.
Uma umntwana ekhubazekile mhlawmbe ngokuthi akaboni noma akakwazi ukuhamba kodwa emqondweni akukho okushodayo, akasiye owethu.
1. How do you apply/kubhaliswa kanjani?
Kubhaliswa ithemu ne themu eKukhanyakoMsinga, hayi kanye ngonyaka njengezinye izikole.
Ama date okubhalisa ka 2024 akhishwa kuqala unyaka, uma wehla uzowathola. Alandelayo angezi 3 October no 21 November 2024.
2. Kudingakala ini/uphathani uma uzobhalisa umntwana?
Uma ephuma kwesinye i-Special School kuba lula ke - itransfer letter, ifomu elibizwa ngo SNA (utholakala esikoleni, usugcwaliswe othisha), isitifiketi sokuzalwa, ikhadi lomgomo kanye namanye amaphepha abalulekile mhlawmbe achaza kabanzi ngokwempilo yakhe (aphuma ko dokotela njl. ). Umazali yena uphatha i - ID yakhe
Uma engakaze afunde uphatha konke okubaliwe ngenhla ngaphandle kwe SNA form.
Uma ephuma kwisikole esingesona iSpecial School (mainstream). Nakhona uphatha konke okubalwe phezulu
Uma ingane isibhalisile yathathwa, isingaqala noma inini.
3. Kuyimalini ukufunda/iSchool Fees?
UkukhanyakoMsinga isikole sikahulumeni esimahhala, akukhokhelwa ukufunda khona. Kuphela umzali uthenga i uniform, itholakala ePomeroy Kwa Mashemfene.
4. Ihostela isiyasebenza?
Yebo, ihostela iqale ukusebenza ngo mhlaka 5 February 2024.
Umntwana ukhokha R1400 ngenyanga uma ezohlala ehostela. Kulemali kubalwa ukudla, indawo yokuhlala/eyokulala, i washing, nokunye.
Miningi iminingwane ebalulekile mayelana nehostela. Ungafonela ucingo olubhaliwe luka thishomkhulu ukuze uzoyithola yonke.
5. Sikuphi nendawo isikole?
Sise Tugela Ferry (Msinga)
6. Utholakala kanjani umsebenzi eKukhanyakoMsinga
Umnyango (Department of Education) okhipha imisebenzi. Isikole asiqashi kodwa namukelekile ukuza nizothola lonke ulwazi khona
Uma kukhona okusele, ungakubuza ku inbox, ungafonela inombolo yocingo yesikole (08H00 - 15H00 phakathi neviki), uvumelekile nokuza eskiloni uzobona noma uzocaciseleka kahle.
Siyabonga 🙏🏽