05/09/2025
ISIMEMEZELO ESIVELA KU THISHANHLOKO:
Simemezela ukuthi sekuvuliwe ukubhalisela abafundi konyaka ozayo u2026 esikoleni sethu eMahlokohloko Secondary School.
Sizothatha abafundi abasha kusukela kuGrade 8, Grade 9,
no Grade 10.
Ku Grade 11 kunomahluko. Bangazifaka nabo izicelo, kodwa sizothatha kuphela labo abenza iMaths ne Science, nakhona kuzofanele benziswe ukuvivinywa (pre-test) ngaphambi kokuthi sibamukele.
Sicela abazali bathumele izicelo zamaForms ngo Whatsap noma bashaye ucingo kulenombolo: 0712991302.
TB Zikalala uThishanhloko.