12/06/2026
ISEXWAYISO ESIPHUTHUMAYO⛑️
Bazali
Namhlanje esikoleni sithole abantwana bedla ama chips lawa asesithombeni. Lama chips atholakale ukuthi anamaphilisi a blue and white phakathi.
Akekho umntwana esimthole ukuthi ubesewadlile kodwa asinaso isiqiniseko sokuthi akekho owadlile.
Ngokuchaza kwabantwana bathi bawathenge kumama odayisa ngase Welfare ekhoneni uma usuza ngapha ngasesikoleni.
Sibabizile bonke abantwana namhlanje sakhuluma nabo sabaxwayisa ukuthi bayeke ukuthenga kubantu abadayisa ngaphandle kwesikole.
Siyacela nabazali bakhulume nabantwana babaxwayise ngobungizi bokuthenga noma kuphi. Udaba sesilubikile kuziphathi mandla kanye nomkhandlu wesikole.
Sexwayisa nezinye izikole ukuthi ziqaphele!!!!!
Siyaxolisa ukuthi abantwana baphume late kodwa bekufanele sixoxe nabo ngoba bebezophuma beyothenga futhi wona lama chips.
Siyabonga