16/07/2015
Mwelase Mazibuko. Nzima. Khondlo wena owangena nesikhuni emanzini waphuna naso sivutha. Wena ongaweli ngezibu owela ngezihlabgu zamadoda. sgawuli semithi emide nemifushane. nina bosilwa ngomnyama amagwala ekhanyisa.mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini nzimalamase ngobulandakazi obuhlasehlase ithambo elagedla izintaba okwathiwa ngoba nakhu usivula izibuko kwathiwa nguMWELASE. hlathikhulu Manzezulu phuthini kaMashoba khuhlase kaMgabhi