13/02/2026
Izindaba Ezishisayo – I-Tongaat Hulett Nomthelela kubalimi abancane (small scale growers)
Inkampani i-Tongaat Hulett, enye yezinkampani zakudala zikashukela eNingizimu Afrika, isenkingeni. Uhlelo lokusindisa inkampani luhlulekile ngoba umthengi ohleliwe akazange athole imali edingekayo. Ngakho-ke, abaphathi benkampani bafake isicelo eNkantolo ukuthi inkampani ivalwe okwamanje (provisional liquidation).
Kusho ukuthini kwabalimi?
Inkampani ingase iqale ukuvala ngokuphelele uma ingatholakali enye indlela yokuyisindisa.
Izinkokhelo kubalimi, abasebenzi, nabahlinzeki zingahle zibambezeleke.
Umthelela kubalimi abancane!
I-SAFDA ithi lokhu kuzothinta kakhulu abalimi bamoba abangaphezu kuka-15 000 abafake umoba kuma sugar mills aKwaZulu‑Natal:
Maidstone Mill (Tongaat)
Amatigulu Mill (Gingindlovu)
Felixton Mill (Empangeni)
Ngonyaka ka-2025/26, laba balimi bafake amathani angaphezu kwe-1 million kashukela, okuholele ku R845 million ongenayo. Le mali izuzise imindeni, abasebenzi, nosomabhizinisi bezindawo. Ukungaqiniseki kwe-Tongaat Hulett kusongela le mali nemisebenzi.
Okulandelayo
Inkantolo izonquma ukuthi inkampani iyavalwa ngokuphelele noma ingasindiswa.
Uma ingasindiswa, izimpahla zenkampani zingathengiswa ukuze kukhokhelwe izikweletu.
Abalimi nabanye abasebenzi kumele balungise izikweletu zabo futhi baqaphe izivumelwano.
22/01/2026
Indaba Zabalimi / Basemakhaya: FMD Nokuzimela Komphakathi
I-Foot-and-Mouth Disease (Isifo samatele) iyisifo esiyingozi kakhulu ezinkomeni, izimbuzi nezimvu. Lesi sifo singabulala wonke umhlambi uma singalawulwa kahle — akusiyo indaba yamanga.
Kodwa-ke, indlela uHulumeni nezinye izinkampani ezinkulu ezibhekana ngayo nalesi sifo ivame ukunciphisa amathuba abafuyi basemakhaya nabasafufusa:
Ukusatshalaliswa kwemijovo, izinqumo zokuhamba kwezilwane, kanye nemithetho yokukhiqiza kuvame ukusiza abalimi abakhulu, kanti abasemaphandleni bashiywa bebhekene nezindleko eziphezulu nobungozi obukhulu.
Lokhu kudalwa umdlalo wengqondo (mind game) lapho inzuzo iphelela kubalimi bezentengiselwano, kanti abasafufusa basala bengahlomuli, okunciphisa ukuzethemba nokukhula kwabo.
💡 Isixazululo Somphakathi
Abafuyi basemakhaya akufanele bancike ngokuphelele kuhulumeni. Isixazululo esiqinile ukwakha:
1. Izinhlangano zomphakathi zabafuyi.
Abalimi bahlangane bese beqala izinhlangano ezizimele, ezibhekene nezidingo zangempela zomphakathi, hhayi izidingo ezicatshangwa uhulumeni.
Le nhlangano ikhethe amalungu azinikele (dedicated members) azophatha, ahlole, athuthukise, futhi aqinisekise ukuthi zonke izinsiza ezidingekayo ziyatholakala — imijovo, ulwazi, izinsiza zokudla nezimakethe.
2. Ukubuyekezwa nokuphatha okuhle.
Amalungu aphathayo aqinisekise ukuthi umphakathi uthola inzuzo emakethe, kungakhathaliseki ukuthi uhulumeni uyabasiza noma cha.
Kumele kube nokubuyekezwa njalo, ukuze izinhlelo zihlale zisebenza kahle futhi zikhula ngokuhambisana nezidingo zomphakathi.
3. Umvuzo/inkokhelo yamalungu aphathayo.
Amalungu aphathayo kufanele ahlonishwe ngokufanele — akhokhelwe okuncane njengomvuzo wokuphatha, ukuze aqinisekise ukuzinikezela nokusebenza.
Kodwa-ke, inzuzo enkulu ibuyela emphakathini wonke, hhayi kumalungu ambalwa kuphela.
🎯 Umgomo:
Masihlale siqaphele izingozi ezifana ne-FMD, siqonde iqhinga lemakethe, futhi sakhe umphakathi oqinile, ozimelayo lapho abafuyi abancane nabasafufusa bebona inzuzo yabo, bavikele izilwane zabo, futhi bakwazi ukuphumelela ngaphandle kokuncika kakhulu kuhulumeni.
03/01/2026
Respect is not begged for in agriculture — it’s harvested like a crop.
🌱💼🌞🚜🌾🏆
17/11/2025
Ukuthanda Inzuzo Ngokweqile—Umkhuba Osulimaza Ezolimo Emakhaya
Emphakathini yethu yasemakhaya, lapho amathuba emisebenzi emancane futhi abantu abaningi bethembele kwezolimo ukuze baphile, sekukhula umkhuba ongahambi kahle:
ukubeka amanani aphezulu ngokweqile ngaphandle kwesidingo sangempela.
Siyazi ukuthi ezolimo zinzima, izindleko ziyakhuphuka, kodwa akumele sisebenzise leli thuba ukuhlwitha omakhelwane noma umphakathi wethu.
Asikhulume iqiniso: Inani lokudayisa alenziwa uFacebook noma umakhelwane — lenziwa izincwadi zethu (record keeping).
Uma uthengisa umkhiqizo wakho, inani kufanele lihambisane nalokhu:
Izindleko zokudla (feed)
Izindleko zempilo yezilwane
Izindleko zamaphilisi nezinye izakha mzimba
Izindleko zendawo, amanzi, ugesi
Isikhathi nomsebenzi owubekile
Neholo elincane lokuthi ulokhu uqhubeka
Hhayi ukuthi umakhelwane ubiza R150, nawe ubize R150.
Indlela enikhulisa ngayo ayifani — ngakho nentengo ayifani.
Ake sibheke isibonelo: Izinkukhu zenyama (Broilers)
Ngiyamangala uma ngibona umlimi osafufusa ebiza:
➡️ R120 – R150 ngenkukhu yenyama,
kanti siyazi ukuthi ukufuya inkukhu eyodwa idinga 4 kg yokudla(Starter,Grower,Finisher) ukuze ibe ngu 2 kg wenyama.
Ngiyakholelwa ukuthi umfuyi usuke engazazi izindleko kahle zakhe, ngoba kunzima ngempela ukukhohlwa kuthi ukhulisa inkukhu eyodwa kungabiza ngaphezu kwa-R65.
Uma sibiza izinto ngaphezu kokulingene, sigcina sikhwashisa abathengi futhi sibuyisela umkhakha wethu emuva.
Izinkomo nazo ziyaphuzwa amanani
Ukubona inkomo yohlobo olujwayelekile ibiza u-R20 000 – R25 000 emakhaya kuvusa umbuzo othi:
“Inkomo iphiwani ukuze izuze leli nani?”
Kudala bekukhona umqondo wokuthi uma imfuyo seyiningi noma unezinhlobo ongazidingi, uyayidayisa ngenani elihambisana nomphakathi, ngoba bekuyindlela yokusizana, hhayi yokuchitha omakhelwane.
Yingakho kubalulekile ukubhala phansi konke okudingwa imfuyo/ isitshalo (record keeping).
Asisoze sathola inani elifanele uma:
❌ singabhali izindleko,
❌ sibheka inani lomakhelwane,
❌ silandela izindleko eziphakanyiswa ngabantu abangakaze bafuye.
📌 Amabhuku (record & bookkeeping) iyona ndlela eqondile yokuthi uthole:
Inani lokukhiqiza
Inani lokuwina
Inani ongalithengisa ngalo ngokunengqondo
📢🔊Isiphetho: Asingabambi abantu bakithi inkunzi
Ezolimo ziyindlela yokuphila emphakathini eminingi. Uma sibeka amanani aphezulu ngaphandle kwesidingo:
Siyakhinyabeza abantu abasafuna ukuqala
Sibulala isifiso sokufuya
Sibangela ukuthi imboni ingakhuli
Futhi sigcina sesilwisana thina sodwa
Silangana nabakhulu ngenxa yolwazi.
Masikhulise umkhakha ngendlela ehloniphekile, enobulungiswa, nenesibopho.
15/10/2025
ISEXWAYISO KUBANTU ABASHA NABASAFUNA AMATHUBA EMSEBENZI NOMA EZOXHASO
Njengoba amathuba emisebenzi ephansi kakhulu, kanti izinto sezenziwa kakhulu nge-inthanethi, ama-email kanye nama-platform e-digital, sekukhona osomathuba abenza sengathi banikeza ngezikhala zemsebenzi, ama-internship noma izibonelelo (funding).
Abanye baze bakubize ngenhlolokhono, bakufake kuma-form asebenzayo, noma bakutshele ukuthi usudlulele esigabeni esilandelayo, kodwa ngemuva kwesikhathi — akukho msebenzi, akukho mali, kodwa sebebhalise igama lakho njengomsebenzi noma umzuzi (beneficiary) ukuze bazuze bona ngemali noma izinhlelo zikahulumeni.
Abaningi basuke befuna ukuthola:
Ikhophi ye-ID yakho
Ama-bank details
I-proof of residence
Ama-certificate noma ama-qualification akho
Ama-signature noma izinombolo zekhadi lakho
Futhi kwesinye isikhathi imali “yokuqeqeshwa” noma “yokufaka isicelo.”
Ngemva kwalokho, basebenzisa konke lokho ukwenza ubugebengu:
Ukukufakela ama-grant noma ama-fund ongawacelanga ukuze bathole imali.
Ukukwenza labour register ngaphandle kwemvume yakho.
Ukusebenzisa ama-qualification akho ukuzifaka emisebenzini engesiyo yabo.
Ukukwenza i-SIM swap ukuze bathole ukufinyelela ebhange lakho.
🚫 QAPHELA LOKHU:
Uma umsebenzi noma i-funding post ivela ku-Facebook, WhatsApp noma Telegram ngaphandle kwe-website esemthethweni.
Uma befuna imali noma amadokhumenti ngaphambi kwenhlolokhono.
Uma bephendula nge-email engaphezi ngo-.co.za kodwa isebenzisa .com noma .com.
Uma bengakuniki ikheli eliqinisekisiwe noma izinombolo zocingo ezisemthethweni.
Uma befuna ukuthi usayine noma ufake imininingwane yakho ku-form ongayiqondi kahle.
OKUFANELE UKWENZE:
1. Hlola inkampani noma inhlangano ku-website esemthethweni noma ucinge i-HR number esemthethweni.
2. Ungalokothi uthumele i-ID, ama-qualification, noma ama-bank details kumuntu ongakaqinisekiswa.
3. Ungakhokhi imali ukuze uthole umsebenzi noma uxhaso.
4. Uma usuthumele amadokhumenti, bika ngokushesha ebhange, e-SASSA, noma kumaphoyisa.
5. Gcina amadokhumenti akho ephephile futhi ungawathumeli ngezindlela ezingaphephile ezifana nama-group noma abantu ongabazi.
6. Uma uke wathola i-call “yenhlolokhono” engabonakali icacile, cela ukuthi uthole i-confirmation nge-email esemthethweni ngaphambi kokuthi uye khona.
04/10/2025
Sekuyisikhathi Sokuthatha Isinyathelo
Asikwazi ukuhlala sibuka umkhuba lo uqhubeka. Kodwa futhi, asikwazi ukuveza sengathi thina singawuxazulula sodwa.
Amagugu Ezolimo ingakwazi kuphela ukusiza ngokuvusa ingxoxo nokwabelana ngolwazi — kodwa isixazululo sangempela sizovela kubalimi uqobo, uma behlanganisa imizamo.
➡️ Kudingeka ukuthi abalimi nabafuyi bonke eKZN bahlangane njengamandla amasha — bengaphansi kwanoma yibaphi abantu noma izinhlangano, kodwa njengabantu abafuna ukwakha uhlelo olusobala noluvikela wonke umuntu.
Singakwazi ukuqala ngokuthi:
Sakhe iqoqo labalimi(abasondelene ngokuhlala) elizoxoxa ngobuqotho ngezinkinga ezifana nalezi
Sabelane ngolwazi lwabahlinzeki abathembekile noma abangathembekile
Siqhakambise ubumbano, hhayi ukuncintisana
Sakhe indlela yethu yokuzihlola nokuzivikela, ngaphandle kokulinda usizo oluvela ngaphandle
🗣️ Isikhathi sokuba namazwi aqinile, kodwa nesenzo esiqotho — sizwakale njengabantu baseKZN abathanda ezolimo.
04/10/2025
🤝 Asimelani — Siyabambana!
Izinkomo zethu nezitshalo zethu akumele zibe izitha, kodwa zibe umcebo wesizwe. 🌾🐄🇿🇦
🧑🏾🌾 Asivuse Umoya Wokubambisana Phakathi Kwabalimi Nabafuyi Ezindaweni Ezisemakhaya 🌾
Sekuqala ukwanda umkhuba omubi, ongayisi phambili, lapho abalimi nabafuyi bekwazi ukuphilisana kahle uma kuvela izingxabano. Lokhu sekuyinto engalungile futhi ebuyisela emuva kakhulu umkhakha wezolimo — umkhakha oyigugu empilweni yomphakathi wethu.
Abalimi abaningi ezindaweni ezisemakhaya abanawo amandla okubiyela izindawo abatshale kuzo, kanti nabafuyi abaningi abanawo amandla okuqasha abelusi bemfuyo yabo. Ucingo olwaluvikela izindawo selathathwa ngabantu abahlukene emphakathini, okwenza izinkomo ziphume emadlelweni ziye emasimini, kusuke umsindo phakathi kwabantu ekufanele basebenze ndawonye.
Lokhu kugcina sekudale ukungezwani okukhulu phakathi kwabantu abaphila ngomsebenzi ofanayo — abalimi nabafuyi. Kodwa iqiniso lithi akekho oxabana yedwa — kusuke kunephutha zombili izinhlangothi. Akekho umfuyi othumela imfuyo yakhe ngamabomu, futhi akekho umlimi oyeka indawo yakhe ukuze kungene izinkomo ngamabomu. Izimo zokuphila, ukungabi namandla, nobumpofu kuyizinto ezenza izimo zibonakale zingalawuleki.
Ngakho-ke, into ebalulekile manje akusona isikhathi sokusolana, kodwa isikhathi sokubambisana. Abalimi nabafuyi kudingeka basekane, baxoxisane, futhi bafune izixazululo ndawonye.
✅ Asikhulume amagama akhayo, aqeqeshayo, akhuthazayo.
✅ Asingakhombisani ngamaphutha kodwa sixoxe ngezindlela zokulungisa.
✅ Asiqale kabusha umoya wokubekezelelana nokusebenzisana.
Asikho isidingo soqhekeko phakathi kwabalimi nabafuyi — sonke siyizihlobo zomhlaba.
Umkhakha wezolimo udinga abantu abakhuthazayo, abacabanga izixazululo, nabakholelwa ukuthi impumelelo yomunye iyinzuzo yomunye.
Uma sibambisana, sizokwazi ukubuyisa isithunzi, inhlonipho kanye nokuthula phakathi kwabalimi nabafuyi.
Umhlaba uyahlomula uma sibambisana — futhi uma sizwana, umphakathi uyakhula
29/09/2025
💡 Izindaba Ezimnandi 💡
Ezinsukwini ezingama-90 ezedlule ngikwazile:
✨ Ukuthola abalandeli abangu-32 abasha
✨ Ukwenza amaPost awu-50
✨ Ngithole izimpendulo ezingu-161
Siyabonga kakhulu ngokusiseka, ukukhuthaza kanye nokuzibandakanya—lokhu kusinika amandla amaningi. 🙏🤗
Masikhule, sabelane futhi sixhumane kakhulu! 🚀🎉
23/09/2025
🚨Amagugu Ezolimo News
Izindaba zabafuyi nabalimi:
Sekukhona umkhuba oqala ukudla lubi futhi olimaza kakhulu abafuyi abasakhula nabasemakhaya.
Abafuyi abaningi bezinkukhu, ikakhulukazi abasemakhaya lapho kunzima khona ukuthola abathengisi (suppliers) abathembekile, sebefake izikhalazo eziningi. Bathola:
Uhlubo lwezinkukhu oluntekenteke 🐥
Ezingenagonyo olifanele 💉
Ezondliwe kancane noma ezingakwazi ukukhula kahle 🍃
Kodwa uma sebeyisukumela abathengisi bathi:
➡️ “Iphutha likuwe – awunakekeli kahle izinkukhu zakho noma indawo yakho ayilungile.”
Umfuye ugcine elahlekelwa imali yakhe engenakubuyiselwa.
Okubi kakhulu ukuthi kwesinye isikhathi lokhu kusuke kuwukuvika icala ngoba bayazi ukuthi abalimi abancane abanawo amandla okubaliswa ezinkantolo noma imali yokuba nommeli.
👉🏾 Ngeminye imininingwane, izeluleko zokuzilungiselela, kanye namathiphu okuzivikela kulobu buqili, landela leli khasi ukuze uthole izindaba ezigcwele.