Fezokuhle Primary School

Fezokuhle Primary School Grade R - Grade 7

17/09/2026

🚨 ISAZISO ESIPHUTHUMAYO🚨

Bazali

Sicela ukudlulisa ukuthi kusasa (18 September 2026) abantwana bazophuma ngo 11h00 ngenxa yesimo sezulu okubikwa ukuthi sizobe singesihle. Siyacela nibahlelele I transport ukuze bagcineke bephephile.

Siphinde sixolise ngokungabhali incwadi, umubiko wesimo sezulu siwuthole abantwana sebephumile.

Syabonga

🚨 ISAZISO 🚨RE : GRADE-R REGISTRATION FOR 2027USUKU : 27 AUGUST 2026IMINYAKA : ABANTWANA ABAZALWA KUSUKELA KU JULY 2021 K...
11/08/2026

🚨 ISAZISO 🚨

RE : GRADE-R REGISTRATION FOR 2027

USUKU : 27 AUGUST 2026

IMINYAKA : ABANTWANA ABAZALWA KUSUKELA KU JULY 2021 KUYA KU JUNE 2022.

(See Poster for more information & requirements)

25/06/2026

Bazali

Sicela ukudlulisa lokhu okulandelayo :

1) Ngenxa yesimo sokungabi bikho kwamanzi eskoleni namuhlanje (Thursday - 25 June 2026) abantwana bazophuma ngo 10h30. Siyacela nithinte oMalume babalande.

2) KUSASA (26 June 2026) abantwana bazothola ama-Report abo. Sicela ukuba oMalume babalinde bathathe ama-report bese bejika nabo bangabashiyi. Abazali abazolanda ama Report sicela bafike kusukela ngo 07h30 kuya ku 09h30.

Syabonga

14/06/2026

BAZALI

Sicela ukudlulisa ukuthi njengoba kuzobe kugujwa usuku lwe-Youth Day ngo Lwesibili (16 June) umnyango wezeMfundo unqume ukuthi kusasa Mhlaka 15 June abantwana bangezi eskoleni. Ngakho ke abantwana bayoze beze esikoleni ngoLwesithathu mhla-ka 17 ku June. (No school on Monday and Tuesday)

NB:- SIYACELA SIQIKELELE UKUTHI ABANTWANA BEZE ESIKOLENI KUSUKELA NGOLWESITHATHU NJENGOBA BEBHALA AMA MID-YEAR EXAMS.

Syabonga

12/06/2026

Bazali

Sicela ukunikhumbuza ngomhlangano wokhetho lwe SGB (SGB Bi-Elections) oluhleleke kanje :-

USUKU : 14 JUNE 2026

ISIKHATHI : 09H00

INDAWO : FEZOKUHLE PRIMARY

NB:- SICELA UKUBA NIPHATHE OMAZISI (ID DOCUMENTS) ukuze siqinisekise ukuthi uwumzali womntwana ngempela yini.

Syabonga

20/05/2026

Bazali.

Sithanda ukudlulisa ukuxolisa okukhulu ngokuphazamiseka kokufunda namuhla (20 May 2026). Isizathu salokhu isimo sokungabibikho kwamanzi endaweni (water crisis). Amanzi alokhe ehamba izolo saba nethemba lokuthi azobuya kanti angeke abuye.

Ngakho ke abantwana bajikile ekuseni babuyela emakhaya.

KUSASA abantwana siyacela beze ngoba amanzi sithenjisiwe ukuthi azobuya.

NB: abantwana abafunda u Grade-R kuphela angeke beze eskoleni KUSASA ngenxa yokuthi othisha babizwe umnyango wezemfundo (njengoba kade bazisiwe).

Siyabonga

30/04/2026

ISAZISO

Siyanibingelela bazali.

NB:- LOMYALEZO UQONDENE NABANTWANA ABACULAYO / ABASEKWAYENI KUPHELA

Sicela bonke abantwana abaculayo (choresters) ukuba beze esikoleni KUSASA Mhlaka 01 May 2026 kanye no Mgqibelo umhlaka 02 May 2026 bazolungisela umncintiswano (choir practice). Bazoqala ukucula ngo 09h00 kuya ku 11h30.

Siyacela ukuba nibalande ngesikhathi esifanele ukuze siqinisekise ukuphepha.

Siphinde sinikhumbuze ukuthi umncintiswano uzoba ngomhlaka 06 May 2026.

Siyothokoza kakhulu ukubambisana.

Address

Unit 18, Imbali
Pietermaritsburg
3219

Telephone

+27333211345

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Fezokuhle Primary School posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The School

Send a message to Fezokuhle Primary School:

Shortcuts

Share

Category