Baqulusini Secondary School

Baqulusini Secondary School Baqulusini Secondary School is a school which is situated in a Roman Catholic mission, via Natal Spa

01/12/2025

Mzali
Siyabingelela,isikole saseBaqulusini siyabonga ukubambisana nawe kusuka kuqala unyaka kuze kufike manje.Sifisa ukunazisa ukuthi ngomhlaka 10/12/2025 sizokhipha imiphumela yabantwana yokugcina yonyaka sobe sesethula umbiko wezimali wonyaka ka 2024/2025.

Siyacelake ukuthi kube abazali abalanda imiphumela ngenxa yokuthi bavamise ukulwa uma kuvalwa,ngaleyondlela ngeke sibanike abantwana kucelakala kube abazali, siyacela ke abazali bagibele emabhasini bazobuyela ngawo emuva.

Umhlangano wethu uzoqala ngo 09:00 bese sikhipha imiphumela.
Ozithobayo uthishomkhulu
Buthelezi M.A.

21/10/2025

Mzali
Ngiyabingelela,kunesimo esasilokhu sasibika kudala sokuncishiselwa amabhasi athutha izingane eziza esikoleni eBaqulusini,ngomhlaka 28/10/2025 umnyango uyanimema emhlanganweni ozoba sesikoleni eBaqulusini ngo12:00 lapho umnyango wezokuthutha nowezemfundo uzokwethula khona uhlelo olusha oluzobhekana nokuncishiswa kwamabhasi,ngakhoke uyacelwa ungasali ngaphandle ngoba okuyosayinelwa laphaya kuyokuba ngokwabekhona emhlanganweni.
Ozithobayo uthishomkhulu
Buthelezi MA.

29/05/2025

Mphakathi

Isifikileke ilist yabafaka izicelo siyacelake abafaka beze bezozibheka kusukela namuhla 29/05/2025 kuya ngesonto 01/06/2025.Lamalist azotholakala eskoleni esangweni kanye nasestolo e1 nakuyo lenkundla.
NgoMsobuluko 02/06/2025 siletha isicucu ngalendlela
1.CV enalokhu
*ID copy
*Proof of residence
*Qualifications
Kuzofakwa ebhokisini lezicelo bese ubhala igama lakho nosuku usayine.Siyobe sesifonela kuphela abasemathubeni okuqashwa ukuthi beze kunhlolokhono.

28/05/2025

Ngiyabingelela Mphakathi

Isikole sicela ukunazisa ukuthi amalist abafaka izicelo zomsebenzi ayikaphumi sizonazisa nakuyo lenkundla uma isiphumile bese niyeza nizozibheka bese nisithumelela amacopies ezicucu zenu .
Ozithobayo
Buthelezi MA
Principal

09/05/2025

Bazali
Kunesimo esisehle ngaphezulu lapha, umnyango usuhlulekile ukuhlinzeka abantwana ngamabhasi kusukela liqalile iviki,ngakho sicela abazali bahlanganise bathole itransport yokuthutha abantwana.
Ozithobayo
MA Buthelezi Principal

Admission process
24/04/2025

Admission process

Bazali lamaform awabantu abazoqala ukufunda eBaqulusini hhayi esebevele befunda khona,aseqalile ukulandwa ngoR30,abuyisw...
08/04/2025

Bazali lamaform awabantu abazoqala ukufunda eBaqulusini hhayi esebevele befunda khona,aseqalile ukulandwa ngoR30,abuyiswa ngokushesha ngoba sizothatha abantwana abawu 200 kuphela ngenxa ye furniture,siyacela kubazali ukuba basebenzise lelithuba kuphela ningazihluphi ngonyaka ozayo asibhalisi.
Buthelezi MA (Principal)

15/03/2025

Mzali/Mngadi

Siyakubingelela egameni lenkosi Amen.

Mzali uyacelwa ukuba uhlanganyele nathi emhlanganweni omkhulu obalulekile ngomntwana wakho.

Umhlangano uhlelwe kanje
Usuku: 20 March 2025
Isikhathi: 9:00
Indawo: Baqulusini Secondary School

Uhlelo lomhlangano
1 Abantwana banemimoya
2 Ukufunda ngamaholidi/nasebusuku
3 Ukuphela kwama-contract okupheka /clina
4 Izinkinga zamabhasi
5 Matric dance
6 Bela act

Singajabula uma ningaphumelela ngobuningi benu sizobonisana ngezigqinamba esibhekana nazo ngabantwana bethu.

Siyabonga
Ozithobayo

Usihlalo. : A.M Bophela
Thisho mkhulu: A.M Buthelezi

29/01/2025

Bazali sicela nisilandele abantwana eskoleni amabhasi awasakwazanga ukubaletha ngezinkinga zenkampani

Buthelezi MA
Principal

14/01/2025

Isikole saseBaqulusini sifisa ukubonga kubobonke abazali babantwana ebebenza ibanga leshumi ngonyaka ondlule,ngokusixhasa isikole singenamali,ukusiboleka abantwana bazohlala eduze nesikole ukuze othisha bababone after hours,ngokuza sizobonisana lapho bengenzi khona kahle.Ngithi kinina nonke uNkululunkulu abusise lesosandla esasingena ekhikhini elingenalutho siphume nokuncane sinikele,lokho kusenze sasuka ku 91.9% (position 😎 saya ku 96.2% (position 5) nokuyimphumela eqophe umlando engakaze yatholakala selokhu lesisikole saba nebanga leshumi eminyakeni engu 25 eyendlule.Siyabonga

M.A.Buthelezi Principal

13/01/2025

Class of 2024 we are proud of you👏

You achieved 96.2% in NSC Exam 2024

11/01/2025

Bazali

Isikole saseBaqulusini sinibikela ngokuhamba kancane kokudilivwa kwezinsiza kufunda(textbooks and stationery) ngaleyondlela abantwana siyobanikezela emaklasini njengokuzobhalisa kwabo njengalokhu besibhalisa.

Niyakhunjuzwa ukuthi abantwana abanendawo esikoleni yilabo abaqinisekisile ngokuza esikoleni ukubeka indawo yabo,abangezanga sizofaka abalinde ku waiting list ezikhaleni zabo.

Abangu 50 kuphela abasengangena esingababhalisa ngomsombuluko nakhona ekuseni bese siyagcwala.

Siyabonga
MA.Buthelezi (Principal)

Address

Roman Catholic Mission Natal Spa Road
Paulpietersburg
3180

Opening Hours

Monday 08:00 - 17:00
Tuesday 08:00 - 17:00
Wednesday 08:00 - 17:00
Thursday 08:00 - 17:00
Friday 08:00 - 17:00
Saturday 09:00 - 13:00

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Baqulusini Secondary School posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share

Category