07/01/2026
📢 ISAZISO MAYELANA NOKUBHALISA KWABAFUNDI E-HLUBI HIGH SCHOOL NGONYAKA KA-2026
IZINSUKU ZOKUBHALISA:
• Ibanga 8 no-9: 12 January 2026
• Ibanga 10, 11 no-12: 13 January 2026
ISIKHATHI: 08h30 – 13h00
OKUDINGAKALAYO UMA UZOBHALISA:
1. I-Transfer Letter (kubafundi abasha noma oqalayo ukuzofunda eHlubi High School)
2. I-Report kaTerm 4 ka-2025 (kubafundi bonke)
3. Isitifiketi sokuzalwa somfundi kanye ne-ID yomzali/umnakekeli (kubafundi abasha)
4. I-Typek (Ream elingu-500 sheets)
5. Imali yokubhalisa engu-R100
Siyacela bonke abazali/nabanakekeli ukuba baqinisekise ukuthi zonke izidingo ziyagcwaliswa ngesikhathi sokubhalisa.
Siyabonga kakhulu ukubambisana! 🙏🏿