Sibongasonke High School

Sibongasonke High School 100% - Matric Pass rate, 2025
100% - Matric Pass rate, 2024

29/07/2026

Isimemo Somhlangano!

Isikole iSibongasonke High School simema bonke abazali babantwana abafunda u-Grade 12 ukuba bafike emhlanganweni wabazali.

Lo mhlangano uhlelelwe ukuma kanje:
Usuku : 30 July 2026 (uLwesine)
Isikhathi : 09:00 ekuseni
Indawo : eSibongasonke High School

Inhloso yomhlangano:
Ukubheka, sihlaziye imiphumela yeThemu eyedlule kanye nokukhipha imiphumela ka-Term 2.

Kubalulekile ukuphumelela kwabo bonke abazali kulo mhlangano.

87 Days to go,,,,,, 2026 NSC Final Examinations...
20/07/2026

87 Days to go,,,,,,
2026 NSC Final Examinations...

20/07/2026
04/06/2026

Sibongasonke High School

Sifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kubona bonke abaphumelele ukubanathi kwinkonzo yesikhumbuzo ka-Mrs PE Mthiyane ebinamuhla esikoleni. Siyethemba konke kuhambe kahle. Sibonga kakhulu ukuseseka ukuze samukele lesisimo. INkosi inside nonke🙏

02/06/2026

Isaziso nesimemo senkonzo yesikhumbuzo ka-Mrs PE Mthiyane

Isikole sifisa ukwazisa abazali, abantwana kanye nomphakathi owakhele isikole ngenkonzo yesikhumbuzo ka-Mrs PE Mthiyane obefundisa khona lapha esikoleni.

Le nkonzo ihlelelwe ukuma kanje:
Usuku: 04 June 2026 uLwesine
Iskhathi: 10:00 ekuseni
Indawo: esikoleni iSibongasonke
Inhloso: ukuzobungaza ndawonye impilo ka-Mrs Mthiyane

Ukuphumelela kwenu kuyoba induduzo enkulu kithina kanye nomndeni wakhe.

15/05/2026

Isaziso ngokulandwa kwama-Certificates!

Sicela ukwazisa bonke abafundi abebefunda u-Grade 12 ngonyaka odlule (2025) ukuthi izitifiketi zabo zika-Matric seziyatholakala esikoleni sebengeza ukuzozilanda.

Grade 12 Term 1 - 2026 : Top Achievers!!1. Xaba Awande2. Xaba Andiswa3. Khumalo Seluleko 4. Ngcamu Samkelo5. Msezane The...
17/04/2026

Grade 12
Term 1 - 2026 : Top Achievers!!

1. Xaba Awande
2. Xaba Andiswa
3. Khumalo Seluleko
4. Ngcamu Samkelo
5. Msezane Thethelelwa
6. Ngcamu Esihle
7. Ntombela Zethembe
8. Ngubane Asiphile
9. Khumalo Asiphe
10. Msezane Hlelolwenkosi

Congratulations!!! 🎉

13/04/2026

Isimemo Somhlangano!

Isikole iSibongasonke High School simema bonke abazali babantwana abafunda u-Grade 12 ukuba bafike emhlanganweni wabazali.

Lo mhlangano uhlelelwe ukuma kanje:
Usuku : 16 April 2026 (uLwesine)
Isikhathi : 09:00 ekuseni
Indawo : eSibongasonke High School

Inhloso yomhlangano:
Ukubheka, sihlaziye imiphumela yeThemu eyedlule kanye nokukhipha imiphumela ka-Term 1.

Kubalulekile ukuphumelela kwabo bonke abazali kulo mhlangano.

11/03/2026

Isaziso Somphakathi!

Sazisa wonke umphakathi owakhelene nesikole ngesikhala somsebenzi wabapheki okhona esikoleni.

Isikhala esikhona:
Kudingeka umuntu ozophekela abantwana esikoleni. Makube ngumuntu onengane efunda khona lapha esikoleni. Kuyancomeka ukuthi kube umuntu oseduzane nesikole.

Okudingakalayo kozofaka isicelo:
Ukuthi agcwalise Z83 Form bese eletha ne-Certified ID Copy.

Izicelo zingalethwa kusuka namuhlanje bese usuku lokuvalwa lokulethwa kwezicelo:
uMsombuluko; 16/03/2026

Address

Ophaphasi Area
Hlabisa
3937

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Sibongasonke High School posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The School

Send a message to Sibongasonke High School:

Shortcuts

Share

Category