14/04/2026
UKULANDWA KWEMIPHUMELA KA TERM 1
Ukubambisana phakathi kwesikole, umzali nomntwana kudlala indima ebalulekile kumgomo wokufunda nokufundisa, njengoba kusiza futhi ekuthuthukisweni impumelelo yabafundi ezifundweni zabo. Njengoba sesifikile kulesi sikhathi esibalulekile sonyaka lapho kukhishwa khona imiphumela yabafundi, siyanikhuthaza ukuthi nibambe iqhaza ngokugcwele ekuhloleni inqubekelaphambili yezingane.
Niyacelwa ukuthi nize esikoleni nizolanda amarephothi wabantwana
Usuku: 15 April 2026
Isikhathi: 11h00
Ukuza kwenu kubalulekile ngoba kuninika ithuba lokubuyekeza impumelelo yengane, nokuxoxa ngezindawo ezidinga ukuthuthukiswa.
Sicela uqinisekise ukuthi uza mathupha ukuzolanda iriphothi.
Siyabonga ngokusebenzisana kwenu okuqhubekayo ekufundiseni nasekukhuliseni izingane zenu.
Ngokuzithoba
Mrs LP Khanyile
uThishanhloko