10/12/2020
Ingxenye yesibili
Chapter 27(uyaqhubeka)
(Nangempela UBheseni asale njengokusho kwenyanga)
Makhosi: wena ulazi kahle udaba ngalengane,pho kungani uze Lana.
Bheseni: Bengifuna azoqina Makhosi njengoba ngishilo nje ukuthi uyagcagcelwa kuzo lezinsuku.
Makhosi: kuvele akusasizi ngoba iqiniso selisondele, kungekudala uzokwazi ngemvelaphi yakhe.
Bheseni: lokho kusho ukuthini Makhosi?.
Makhosi: labantwana abanalo ikusasa kulento abafuna ukuyenza,futhi nje ayivele iyekwe ngokubona kwami,kunezinyembezi nobungozi phakathi.
Bheseni: Ngitshele bo Makhosi kwenzenjani,ubonani?.
Makhosi: yonke lento abayvumi abaphansi,ayamkelekile.
Bheseni: kodwa....
Makhosi: yeeeyi! Hamba,hamba ungaphinde ubuye la.
(Nangempela aphume athathe ibandla ahambe nabo,bafika ekhaya nje Bonke bamangele abazi ukuthi UBheseni nenyanga bebekhuluma ini?, bangene bahlale phansi.)
maMkhize: Baba kwenzakalani ngiphuthume bo.
Bheseni:awume wena, kuthiwa yonke lento ayime, abaphansi abavumi la.
Bhengu: kwenzakala ini Kanti la abavumi kanjani?.
Bheseni: Nathi asazi kodwa asenzeni sbone.
Bhekifa; Mina angisazi ke manje kusho ukuthi akuvumelekile ngilobole uNonkanyiso.
maMkhize: Ake senzeni sbone ayikho leyonto nathi sashada kufungiwe Baba.
Bheseni: mina angisazi,ewu kwaze kwakude ekhaya.
Bhengu: usho ukuthini manje sbali.
Bheseni: lutho unganaki,ngyazisholo nje sbali.
(Bonke bamangele endlini)
Asisbambe Lana
Sibhalwe u Menzy MJ