10/06/2026
ISAZISO ESIYA KUBAZALI NABANAKELI BABAFUNDI BAKA-GRADE 9
Usuku: 10 June 2026
ISICELO SOKUPHATHWA KOMAKHALEKHUKHWINI KUBAFUNDI ABANGAKAYENZI I-INCLINATION.
Bazali nabagcini babafundi abathandekayo, Siyanibingelela.
Sicela ukunazisa ukuthi kukhona abafundi baka-Grade 9 abangakayiqedi i-Inclination Assessment ngaphansi kohlelo lwe-GEC (General Education Certificate).
Ngakho-ke sicela ukuthi uma ingane yakho ingakayenzi le assessment, uyivumele futhi uyiboleke umakhalekhukhwini (cellphone) ozosebenza kahle futhi ukwazi ukungena ku-internet ukuze ikwazi ukuqedela lolu hlelo.
Lokhu kuzokwenzeka ngoLwesihlanu, mhla ziyi-12 kuJune 2026, ngesikhathi sesikole. Kubalulekile ukuthi bonke abafundi baqede lolu hlelo njengoba luyingxenye ebalulekile yenqubo ye-GEC.
Siyacela ukuthi umakhalekhukhwini uphathwe ugcwele ibattery. Isikole sizosebenzisa le mishini ngenhloso yokuphothula i-Inclination Assessment kuphela futhi abafundi bazoqondiswa ngesikhathi sonke sokusetshenziswa kwayo.
Siyabonga ngokubambisana kwenu ekusekeleni imfundo yezingane zethu.
Ngokuzithoba
GEC Co-ordinator
Zwelithini High School