15/05/2026
Ezemfundo kuZwelonke
BASAZOTHWALA kanzima abafundi nothisha ezikoleni zakuleli, ngemuva kokuba uMnyango kaMgcinimafa ukhala ngokuthi ngeke ukwazi ukuxhasa zonke izinhlelo zoMnyango weMfundo eyisiSekelo.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ngesikhathi enomhlangano nekomiti lasePhalamende.
Kwenzeka lokhu nje, lo mnyango ubhekene nezinselelo zemali ikakhulu KwaZulu-Natal, njengoba ungakwazi ukukhokhela ngesikhathi ezinye zezidingo okubalwa imali yezikole eyaziwa ngama-Norms and Standards. Nyakenye uhluleke ngisho ukuthenga izincwadi zokufunda ezikoleni, wathenga kuphela i-stationery.
UNksz Gwarube uthe isimo sisazoba nzima emnyangweni.
"Umnyango kaMgcinimafa uthe ngeke ukwazi ukuxhasa ezinye izinhlelo. Usiyalele ukuthi sibheke lapho singathatha khona imali ezinhlelweni zomnyango, ukuze sikwazi ukuxhasa ezinye izinhlelo. Lokhu kuzokwenza ukuthi singakwazi ukufeza zonke izidingo." usho kanje.
Uveze lokhu nje, maduzane kulindeleke ukuthi ethule isabelomali salo nyaka somnyango. Kulo mhlangano kuvele nendaba yokuthi kunabafundi abangobokufika kuleli abasezikoleni.
UNksz Gwarube uthe uMthethosiskelo wezwe ucacile ukuthi akumele kukhishwe inyumbazane abafundi abangenazo izimfanelo zokuba kuleli.
"Bakhona nabafundi bakuleli, abasezikoleni kodwa abangenazo izitifiketi zokuzalwa. Asikwazi ukubancisha imfundo ngoba bengenazo izitifiketi zokuzalwa. Asikwazi ukuphambana nokushiwo uMthethosisekelo olawula izwe."
UMqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe awukho umgomo wokuthi abafundi kumele bafundisane encwadini eyodwa wathi lokhu kwenzeka ngenxa yokushoda kwazo.
"Baningi abafundi abasebenzisa incwadi eyodwa ekubeni ngabe akumele kube kanjalo. Lokhu kwande kakhulu emabangeni angaphansi kuka-matric. Awukho umgomo othi abafundi kumele basebenzise incwadi eyodwa," usho kanje.
Kuphinde kwavela nendaba yezinselelo ohlelweni lokudla ezikoleni ikakhulu esifundazweni. Okuvezwe yizikhulu zomnyango ngukuthi kulesi sifundazwe, kwengezwe abafundi abevile ku-200 000 ekutheni bahlomule kulolu hlelo, ekubeni imali ingazange yengezwe ukuze badle.
Lokhu kusho ukuthi sandile isibalo sabafundi asebedla ekubeni imali ingazange yengezwe.
UNksz Gwarube ubuye waveza ukuthi njengoba uGrade R usuyimpoqo, bayazama ukutshala imali ukuze ungabikhona umthelela ongemuhle.