05/09/2026
Ezinsukwini ezendlule isikolesethu iBHS siye sangenela imincintiswano kanye nezinye izikole, lapho bekunemikhakha eyahlukahlukene okubalwa khona iGospel, iNgoma, uSonkondlo kanye noMshado. Isikolesethuke njengenjwayelo siye saphuma phambili kuzozonke izinkakha, Gospel no 2, umshado no 1, usonkondlo no 1 kanye nengoma yaba ngu no 4. Sithanda ukubonga kakhulu uMr Khumalo okunguyena umdidiyeli omkhulu kwezobuciko namasiko esikoleni sethu, siphinde sibonge othisha kanye nabafundi ngokubambisana ukwenza lemincintiswano ibe yimpumelelo.