Mazibuye Emasisweni Ma-AFRICA

Mazibuye Emasisweni Ma-AFRICA

Share

Mazibuye Emasisweni Ma-AFRICA is a Non-Profit Organization that seeks to promote & protect South Afr

13/07/2021

Uyamemeza okaNdaba!

Wena wendlovu. 🙌🏾

20/03/2021

Nina beSilo, nina beNdlondlo enophaph'ekhanda.

Kunosisi obuze umbuzo ngentshisekelo yokwazi kabanzi ngoba naye uqobo ukuso lesimo.

Ubuze ukuthi igama elithi 'IVEZANDLEBE' lishiwo enganeni ezaleke kanjani. Nanokuthi kwalona igama elithi 'IVEZANDLEBE' lakheka kanjani.

Abanolwazi bengasiklezisa kusizakale abaningi. 🙏🏾

Photos from Mazibuye Emasisweni Ma-AFRICA's post 13/03/2021

Wena wendlovu!
Wena wendlovu!
Bayede! 🙌🏾🙌🏾🙌🏾

18/06/2017

Ndlu kaPhunga noMageba, namhlanje masitomula embengeni sithe akesicacise ngendaba yeLOBOLO. Abanyeke sebalibiza iLOBOLA.

NgokwesiNtu ilobolo belingakalwa kodwa imindeni emibili eyakha ubuhlobo ibibonisana ukuthi kungakanani insizwa ezokwazi ukukukhipha, lokhu bekuthathwa njengesipho esipha abasekhweni ngokuyizalela umfazi. Inhlosonqangi bekusuke kuwukwakha ubuhlobo kuphinde kwandiswe nomndeni kanjalo neSizwe. Insizwa uma izokwazi ukuhlanganisa izinkomo ezintathu (Ekababa, ekamama kanye neyomqholiso), udwendwe beluma kungabi nankinga. Uma amandla ekhona izinkomo bezengezwa kulezo ezintathu kwesinye isikhathi kuze kuyofika ekhulwini lezinkomo kuye ngesibaya somnumzane ukuthi ucebe kangakanani.

Le yesikalo sezinkomo eziyishumi nanye (11) iqhamuke noSomtsewu (Theophilus Shepstone) owayephethe i-Natal ngezengcindezelo. Nokho lesikalo saloNdlebezikhanyilanga besingazweli kangako ngezikhathi zakudala ngoba bekufuyiwe futhi nemfuyo ivuma, kepha kuleskhathi samanje ukubiza kwelobolo sekunomthelela ekutheni abantu bagcine bengagcagcanga kodwa bethandana ngenxa yokwentuleka kwamandla.

Ungasika elijikayo sicebisane ngolwazi.

07/07/2015

Lento ihamba kanje Ma-AFRIKA:
Umzala (cousin) - yingane kamalume/babekazi wakho hhayi ingane ezalwa wumam'ncane/mam'dala noma ubab'omncane/ubab'omdala wakho.

24/11/2014

IZITHAKAZELO

Ngabe uyazazi nje izithakazelo zakini? Awuzisho sizwe, kuzosizakala nabanye abangazazi ezakubo. Uma udinga ukwazi ezakini nawe yisho sikusize unothe ngaleligugu.

Isibonelo: Izithakazelo zakwaLuthuli

Mshibe!
Madlanduna
Bangadl’ insikazi balambile
Ngoze ngikwenz’ owangenza kona
Nina’ eningawadl’ amasi ningawanikiwe
Nesabamas’ ehla ngendololwana
Nina bakwaMashiza
KaNonopha kaMjokwane kaNdaba
Ndlwan’ enhle
Sigencagenca mbaz’ ebukhali
Malala aqhamuk’ ezansi
Zingwazi!
Ezidl’ inyam’ abanye bedl’ inyamazane
Mavel’ enkomeni
Abanye bevel’ ebantwini
Luthuli lwezinkomo
Mshibe kaMakhiph’ inj’ efukwini
Kuzalele yena
Donda!
Mvumbi qhawe elikhulu
Mholi wezizwe zonke.

Photos 12/11/2014

Leli yiqhugwane, uhlobo lwezindlu ezazisetshenziswa kusadliwa ngoludala. Sebebuye bayibize ngo guqasthandaze ngenxa yokuthi yakhiwa ibe nomnyango omfishane othi nxa ungena kuwo uguqe. Ubufishane bomnyango weqhugwane wawenzelw izinto eziningi okubalwa nokuth umuntu angavele angene endlini ewumdondoshiya nje, kepha azole.

01/10/2014

Ungadli umile ngoba uzomelwa zindaba

Mawuke walunywa yinkalankala uzoshintsha ubulili

Mawuyibhungu ungavuki sekuphume ilanga ngoba intombi oyeshelayo izok'phupha uzingcolisile

Intombi ayisidli iskhumba senkukhu ngoba izoba nothuthwane/nohlevane

Konke lokhu okungenhla nokuningi kwakuvikelwa isimo esithize esibi, abant'abadala ngokuhlakanipha babeka izici ezesabekayo ukuthi uma nje uke wakwenza kukhona okubi okuzokwenzeka. Nembala emandulo ingane yayenza njengoba itshelwa ingabuzi okuningi, yingakho izinto zazihamba ngononina nje umfana nentombazane bakhule bezazi ukuthi bangobani.

Thath ukhezo nawe ufoce la okhambeni lwamasi, bengedlula nje.

Photos from Mazibuye Emasisweni Ma-AFRICA's post 04/09/2014

Enye yezinto ebezinomthelela ek'phileni kwabantu iskhathi eside bekuwumbuso thina maNguni ebesinawo, kudliwa inyama nokudla okuvela emhlabathini, amadoda ephuza utshwala ingekho indaba ye-stress nokunye ngoba umuntu nomuntu ubenomsebenzi wakhe obalulekile kusukela kwabancane.

01/09/2014

UMandulo (September) yinyanga ehlonzwe njengenyanga yamagugu ezwe la eNingizimu Africa, kukuyo lenyanga la izintombi nto zithuthelana esigodlweni soNgangezwelakhe iSilo samaZulu eNyokeni ziyokwethula umhlanga, zisine, zigide ziphinde zifundiswe ngokuziphatha njengoba zikhula. IMazibuye Emasisweni Ma-AFRICA iwuxhasa kakhulu lomcimbi futhi iyingxenye yemkhankaso yokugqugquzela ukuziphathakahle nokuzigcina emantombazaneni asakhula ukuze sakhe isizwe esihloniphekile nesiziqhenyayo. Sibhalele eNdlunkulu sinxusa komama abahlola izingane zamantombazane ngomkhuba oqhubekayo wokugwazisa ukuze namantombazane asonakele abe yingxenye yomcimbi, lokhu kululaza isiko futhi kuwukwethuka izintombi, ngakho sithi ababuyelwe wonembeza bapheze ukwenza lokhu.

Photos 27/05/2014

Usekhona ongaSOKILE kuleskhathi samanje???

Want your school to be the top-listed School/college in Durban?

Click here to claim your Sponsored Listing.

Location

Category

Telephone

Address


320 West Street
Durban
4001

Opening Hours

Monday 08:00 - 17:00
Tuesday 08:00 - 17:00
Wednesday 08:00 - 17:00
Thursday 08:00 - 17:00
Friday 08:00 - 17:00
Saturday 09:00 - 13:30