Uthisha WesiZulu

Uthisha WesiZulu Ukuthuthuka kwobuchwepheshe kuba nemithelela engemihle ezilimini zabomdabu. Leli khasi lingomunye wemizamo ehlose ukuthuthukisa ulimi lwesiZulu.

04/08/2025

Ngiyabingelela. Abafundi asibabhaleli kuleli khasi. Ngibalekelela kulokho abadinga ukucaciselwa kukho kuphela. Abafundi kumele bazibhalele bona. Ngiyabonga.

Qedelela izimo zokukhuluma ezingezansi ngokugcwalisa ngegama eleqiwe bese unikeza incazelo yazo. 1.________ kayisengeli ...
02/04/2024

Qedelela izimo zokukhuluma ezingezansi ngokugcwalisa ngegama eleqiwe bese unikeza incazelo yazo.

1.________ kayisengeli phansi.
2. Selidumela _______.

Ngiyabingelela kubafundi nothisha esinabo kuleli khasi. Ngicela ukunethulela nasi isibonelo se-imeyili yesiZulu ebhaliwe...
07/02/2024

Ngiyabingelela kubafundi nothisha esinabo kuleli khasi. Ngicela ukunethulela nasi isibonelo se-imeyili yesiZulu ebhaliwe.

06/12/2023

Mkhathini!

10/10/2022

INTENGU

Intengu inyoni emnyama bhuqe ngokwebala eyimfologo ngesisila sayo. (Fork tailed drongo bird). Intengu iyathanda ukudlalela lapho okudla khona umhlambi wezinkomo yenzela ukudla kahle izintethe ezisuswa zinkomo emadlelweni. Le nyoni iyathanda futhi nasemahlangeni ngesikhathi sasebusika ngoba idla nezinhlava. Intengu inyoni ekhala kamnandi lena ngezwi elinobuntengu elibiza zonke izinyoni futhi inokushaya ikhwele kube sengathi khona umuntu eduze. Yingakho kunenkulumo ethi “Indoda engenamelusi izinkomo zayo ziyobhekwa yintengu” Kushiwo ngoba iyazelusa izinkomo ngekhwela, futhi zitholakala zihlangene ndawonye ilokhu ishaya ikhwela nje kube sengathi lishaywa umelusi wazo.

Lenyoni idume ngokulwa nezinyoni ezinkulu kunayo kanti iyona kuphela evame ukushaya ukhozi futhi aliliboni elidlalayo kwintengu, ixosha ngisho negwababa, uhlanya lwenyoni lolu ngeke uyilokothe uma uyifice inamaphuphu.

Iyingozi kabi futhi kulabo abashiya umlilo bangawucishile ehlathini iyafika lapho ithathe ilahle iyokokhela ngalo amahlathi. Umuntu wesifazane okhuluma kakhulu ubizwa ngentengu belu...

*Echobozela ebheka phansi kuma kwenkomo izohlatshwa*

IZINGUBO ZAKWANOKUSHO.
31/03/2021

IZINGUBO ZAKWANOKUSHO.

ZIFA  - Kushiwo lapho icala elenziwe ngumuntu oyedwa selilimaza/ lihluphekisa abaningi.
07/12/2020

ZIFA

- Kushiwo lapho icala elenziwe ngumuntu oyedwa selilimaza/ lihluphekisa abaningi.

AKUKHO   LINGENASICI- Umuntu angaba muhle aphinde enze kahle, kepha naye kukhona abuthaka kukho.
07/12/2020

AKUKHO LINGENASICI

- Umuntu angaba muhle aphinde enze kahle, kepha naye kukhona abuthaka kukho.

Address

Durban
4001

Opening Hours

Monday 09:00 - 15:00
Tuesday 09:00 - 15:00
Wednesday 09:00 - 15:00
Thursday 09:00 - 15:00
Friday 09:00 - 15:00

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uthisha WesiZulu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category