20/07/2025
---UBUHLE noBubi bokuzazi ukuthi unguhlobo luni lwe Soul - - -
Empilweni in General Kukhona izinto okuyaye kubaluleke kakhulu ukuthi uzazi, kuyakusiza kweZinye izinto ukuba nalolowazi. Kanjalo futhi Kukhona izinto okufanele ufise ukuthi ungazazi ukuze impilo iqhubeke, Ngoba mhla wazazi impilo ISuke isizoqhubebeka ngokuzilawula yona
---ukuzazi uhlobo lomphefumulo oyilo--
Ngicabanga ukuthi wonke Umuntu Uyaye afise, ukuthi azazi ukuthi uwuhlobo luni lomphefumulo, nokuyinto eNhle kakhulu. Kodwa umbuzo oMkhulu ungaba sekutheni Uma, usuzazi uyokwazi yini ukumelana nesisindo nomthwalo wokuzazi??.. Ngoba Uma uzazi, lokho kobe kusho ukuthi usuyazi nangemfihlo yokuthi mhla ulethwa emhlabeni wawulethwa ngokwayiphi inhloso!!!..
--Ukuzazi uhlobo lomphefumulo oyilo kuhle, kwesinye isikhathi Ngoba uyakwazi ukuziqonda, uphile ubuwena obungancikile kwabanye abantu.usuke usukwazi okukufanele nokungakufanele!
--ukuzazi kuphinde kubekubi, Ngoba usuke usukwazi ukwenza izinto hlawumbe ezingagxekwa yiningi, noma ezingafunwa yiningi. Ngoba lisuke lingaqondi ukuthi uphila ngokwe Mandate yomphefumulo oyiwo.
--UMA imikhathi yemfihlo izokwazisa ubuwena, kuqala kube yizigaba eziningi odlula kuzo, ngaphambi kokuba uhlobo lomphefumulo oyilo ulazi.. Izigaba eziningi zisuke zingama test okuthi kubonakale ukuthi uqine kangakanani, uzokwazi yini, ukumele imiphumela yokuzazi kwelemiphefumulo
1-----Kukhona isigaba lapho okuyaye uQale waziswe ngobuwena balemzimba ewuwe, ewubuwele bakho..
Kuyenzeka uQale uhlanganiswe ngomzimba wakho ophila emkhathini yaphezulu, lona okuyiwo oyaye ungenwe wupmhefumulo Uma Umuntu nomuntu eseshona.. Lowomzimba yiwo okwazi ukuthatha wupmhefumulo esidunjini somzimba womhlaba, Bese Uhamba nawo izinkalo zemkhathi yamaZulu ......Uma usabona lomzimba cishe okuningi Kuba lula esimweni sempilo yakho, Ngoba awunaso isisindo kakhulu enyameni, Kodwa nesisindo emoyeni!!!
-Kuyenzeka futhi uQale ufundiswe ngomzimba owuwe osuke uphila ezinkalweni zemkhathi yaphansi komhlaba, lona-ke Uyaye ubenzima Ngoba usuke uza nesisindo kuwe ngokwenyama...
Bese Kubakhona abantu abanomzimba wesine (4) phezu kwalena ewu 3....noma bengebaningi, Kodwa khona uhlobo labantu oluba nalomzimba wesine... Lona wesine nawo usuke ukhona Lapha emhlabeni Kanye nalomzimba esiwujwayele.. Lomzimba wesine, Uma uzibuka noma uwubona NGAMEHLO... UYAYE ufane exactly nawe, ukwazi ukuzibona uwuwe... Kwesinye isikhathi uyakwazi ukuthi ubenguwe uziveze ngendlela oyobe ubukeka ngayo eminyakeni ezayo, Vele uvamise ukuba Ahead.
Lomzimba wesine uba active Ngaphezu kwalomzimba weNyama, Yize nawo ungowenyama...
Yiwo lomzimba, okwazi ukuthi udukise umkhondo ngawe... Uthi usethekwini, uthole Ucingo kumuntu oseGoli, akutshele ukuthi ukubonile ndawana thize usegoli... ESHO ube ungakaze uye lapho... Kusuke kuyi lowo mzimba, OWENZA ukuthi Uma kufanele uye endaweni enobungozi, Bese wona uya kuqali, Bese ubuya Uzokwenza ukuthi ungabe usaya...
Yilowomzimba okwazi ukuthi ezingubeni zonke zokugqoka zakho, nawo uzithathe uzenze I Duplicate, ukuze ubenakho konke okufana nokwakho, ngisho imoto. Uyakwazi ukuthi ubonakale ngemoto yakho, bethi abantu bakubonile endaweni thize ngemoto udlula, ube ungakaze uye ku leyondawo.
.. Lomzimba uyingozi-ke Ngoba, ungumuntu osuke usuphambene nezimiso zakho ZOKUPHILA, Uyaye ukuzwise ubuhlungu... Hlawumbe uhambe wona uye endaweni lapho kwenzeka khona isigameko ezithize, hlawumbe kubanjwa inkuzi,... Bese abantu bevumelana ngokuthi wabonakala nawe kuleso gameko, Bese uyaboshwa ube uboshelwa into engekho!!.. Baningi abantu ababoshiwe, ngenxa yokudayisa yilomzimba, futhi baningi abagcina bebulewe ngenxa yokudayisa yilomzimba.. Kuthiwa babonakele EZINDAWENI ababengekho kuzo ngempela.
Okubuhlungu ubufakazi buyaye bubalahle, Ngoba ngisho kuvulwa I woredrop, izimpahla lezo okuyaye kuthiwe ubonwe ngazo zisuke Zikhona.. Ngoba lomzimba usuke ukwazi ukuzigqoka.
... Ngakho-Uma usukwazile ukuboniswa lemizimba yakho, usuke ususesigabeni sokuthi uzazi lokuthi unguhlobo luni, lomphefumulo.. Kodwa impilo yakho ayiphinde ibe normal, ayiphinde ibe lula...
Ukuzazi ukuthi uwuhlobo luni lomphefumulo, kuza nemiphumela yokuthi ubenemfihlo uphinde, wenze izinto ngokulandela I mandate Ye Soul yakho, hhay ukulandela iningi.
Ngakho ukwazi I Soul ekuwe kuza nezimo eziningi, ezinye ezigqilaza leNyama okuyo, okunye umoya wakho.