04/11/2024
Khulekani Maseko, Mhlengi Shangase | November 4, 2024
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usudonse ngendlebe abafundi ababhala u-matric, abafika bezobhala bephethe omakhalekhukhwini ukuthi abavumelekile.
Lo mnyango ubayalele ukuthi bawashiye emakhaya futhi bayeke ukufika bephethe imbuzi ngoba behlose ukukopela.
Lesi sexwayiso sikhishwe ngokhulumela lo mnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, oveze ukuthi bakhathazekile ngabafundi abafika bephethe omakhalekhukhwini.
Uthe abanye bafika beqiqinge umphako ngenhloso yokukopela.
“Siyaphinde siyabaxwayisa abafundi ukuthi bayeke ukwenza lezi zinto ngoba uma bebanjwa, bangaphucwa ithuba lokubhala izivivinyo ezintathu. Ima nse impilo uma ubanjwe ukopela u-matric ngoba nemiphumela ayiphumi.” kusho uMhlanga.
Uthe kunabafundi ababanjwa eminyakeni edlule bekopela, namanje abasalinde imiphumela yabo.
Ubuye wakhuthaza abazali ukuthi benze konke okusemandleni ukulekelela izingane zabo ekubhekaneni nokhwantalala njengoba kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka zika-matric.
NoNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, wanxenxa abazali ukuthi bangaqheli kubafundi ababhalayo, kodwa babeseke.
“Kungenzeka ukuthi ukubhala kudala ukhwantalala noma ezinye izinto ezibaphazamisayo njengoba kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo. Abazali abasondele kakhulu kubona ngalesi sikhathi ukuqinisekisa ukuthi akukho okubaphazamisayo,” kusho uMhlanga.
Uveze nokuthi bathole nokuthi baningi abafundi ababhala lezi zivivinyo besezibhedlela.
Phakathi kwezinye izigameko, ubalule udaba lomfundi waleli banga obezithwele, okuthiwa ubelethe ekuseni kwaqondana nesikhathi sokubhala, kodwa wahlelelwa ukuthi abhale ntambama ngosuku abelethe ngalo.
Uveze ukuthi omunye ubandakanyeke engozini yemoto, wabhalela esibhedlela ngosizo lwabebemlekelela.
UMhlanga uthe abafundi ababhala besezibhedlela abaphoqwa kodwa basuke bezicelele bona futhi beqinisekisa ukuthi bakulungele ukubhala.
Ugcizelele ukuthi isabambe ngakho ngokubhalwa kwezivivinyo.