28/07/2026
Kukhona abantu abacekela phansi impahla yesikole ngamabomu. Sicela umphakathi usisize ngolwazi olungaholela ekutholakaleni kwalabo abenza lokhu.
Uma kukhona owaziyo noma obone okuthile, sicela axhumane nabaphathi besikole. Imininingwane izogcinwa iyimfihlo.
Asibambisaneni sivikele isikole sethu, ngoba impahla yesikole ingeyomphakathi futhi yakhelwe ikusasa lezingane zethu.