Zulu Storries by Thobile Mthethwa

Zulu Storries by Thobile Mthethwa

Share

I'm Thobile Mthethwa from Vryheid at Shoba I'm writing a short stories and poetry

26/03/2022

NGENZENI?
Kanti nkosi ngenzeni emhlabeni kanti nkosi ngoneni emhlabeni kant nkosi ngenzeni kuwe Kant nkosi ngikoneni

Ngajikelwa ngomakhelwane ngazondwa yizihlobo zam ngajikelwa abantu ebebengithanda

Kanti nkosi ngenzeni
Wangephuca konke ebenginakh wangthathela izihlobo zami wangthathela abazali bam wangephuca abathandiweyo bam

Ngenzeni?

25/03/2022

KUNCONO Ngibeyi nkomo Edla Yodwa

Angsafuni thando angsafuni bangani abangani angsabafuni empilweni yami abangani angsabethembi

Ngakho kuncono ngibeyi nkomo edla yodwa abangani bayafana nenja ngoba inja namuhla uyipha ithambo kusasa iyakuluma

Abangani bakujikela esiswini njengo tshwala abangani namuhla ubatshela usizi lwakho kusasa bahleba ngawe

Kusasa bakhombana ngawe kusasa bakwenza inhlekisa yingakho sengikhetha ukuba yinkomo edla yodwa

Sengincamela ukuthemba itshe kunokuthemba umuntu

25/03/2022

SENGDELILE๐Ÿ’”๐Ÿ˜ญ

Uthando selungehlule uthando lungilimazile uthando luyiphulile eyami inhliziyo ngakho ngithi thando sengidelile

Thando usungehlule thando ungikhalisile kwanele manje thando sengicela ungidedele nguphume kuwe

Ngoba angsenalo uthando Mina ngoba eyami inhliziyo aysenalo uthando lweqiniso ngoba eyami ingqondo aysenakho ukucabanga ngothando

Ngakho eyami impilo aysamfuni ezobambisana naye ngoba uthando ebenginalo baluthathile ngoba uthando ebenginalo baluqedile ngakho ngithi angsenalo uthando Mina

Ngoba thando sengidelile nguwe ungephula inhliziyo ngoba thando sengidelile izinhlungu zakho

SENGDELILE ๐Ÿ’”๐Ÿ˜ญ

24/03/2022

KHAYA LAMI ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”!
Nguwena oluphahla lwami
Nguwena wedwa ongikhusele
KHAYA LAMI angisoze ngazenyeza ngawe.

KHAYA LAMI ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”
Ngiyohlezi ngiziqhenya ngawe
Noma bengathini abantu ngawe kepha Mina angsoze
ngakuhlanganyela nezitha ngoba ukube wena awukho ngabe sengashiswa yilanga

Ngabe sengashaywa ngozamcolo ngabe senganethwa ngeziningi izimvula kepha wena ungikhusele ukwazile ukungibeka ngaphansi kophahla lakho waphinde wangivikela

Ngakho ngithi KHAYA LAMI wena uyikho konke Kimi impilo yami ilele kuwe imphefumulo wami ulele kolwakho uphahla๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”

11/03/2022

NGINOKUKUKHUMBULA๐Ÿ˜๐Ÿ’”๐Ÿ’˜๐Ÿ’

Mangikbon ngyakukhumbul
Mangkade Nginawe ngyakukhumbul
Mangbona izithombe zakho ngyakukhumbula
Manghleli nginokfikelwa yizithombe zakho engqondweni yam

Sthandwa Sam wen wenza ingqondo yam izule uyaz abangazi bengaze Beth ngiyahlanya noma ungidlisile
Kepha abazi ukuth le eyam inhliziyo yiyona englawulayo

Yiyona eshaya isgingci Mina ngidansela Sona
Sthandwa Sam wen ungenza ngibone izulu uma nginawe
Uyazi ongazi engaze ethi ngiyagula
Kepha abazi ukuth loluthando enginalo ngawe alusoze laphela
Kepha loluthando enginalo ngawe lundlula uLwandle

Sthandwa sami nginokukukhumbula
Ngendlela engikthanda ngayo ngifisa sengathi singangahlukana

05/03/2022

STHANDWA SAMI๐Ÿ’˜๐Ÿ’๐Ÿ’›๐Ÿ’Ž๐Ÿ’

Sthandwa senhliziyo yam
Khiye weyami inhliziyo
Uyintebe yoqobo kweyami inhliziyo
Ungumthunzi wokwendlala ezami izifiso

Masingcebeleke emagcekeni othando
Masikhulekele uthando lwethu
Noma kufika isivunguvungu othandweni lwethu
Sthandwa Sam bengicela sibumbane sibe munye

Singavumel izilingo zalomhlaba ukuba zone uthando lwethu
Sthandwa Sam bengicela obungashabalali ubuhlobo

Ngoba uwena wedwa engicabanga ngizokwakha nawe umuzi
Sakhe owethu umndeni
Ngakho bengicela obungashabalali ubuhlobo ๐Ÿ’“๐Ÿ’˜๐Ÿ’”๐Ÿ’–

05/03/2022

Mhla Ungitshela Ukuthi Uyangithanda

Kwaba sengathi ngiyaphupha
Ngezwa sengathi umhlaba ngowami
Ngezwa sengathi izulu ngelami
Nami ngakwemukela ngakuthanda

Kepha inhliziyo yam yayilokhu ingitshela Ukuthi wena awasiye owam
Kepha inhliziyo yam yayilokhu ingitshela ukuthi udlala ngami futhi udlala ngemizwa yam
Kodwa Mina akaze ngayilalela ngoba ngangisajatshuliswa yilamagama amnandi owawusangikhohlisa nawo ungilalisa ngawo uphinde ungivuse ngawo

Ngiyakhumbula nhje usangitshela ukuthi Uyangithanda nam ngiheheke ngijabule ngoba nangizitshela ukuthi ungithanda ngothando lweqiniso kanti udlala ngami

Ngiyakhumbula nhje usangilalisa ngokuthi "gudnigt my love "uphinde ungivuse ngokuthi"morning my love"kodwa konke lokho kwashabalala njengamanzi achithiwe ongeke usawabutha
๐Ÿ’”

20/01/2022

Sorrin guys ziyaqhubeka inking ngsafelwe yifon

03/12/2021

OThandwa Yimi
KukwaButhelezi endlini yokuphumula uMa Khumalo nomyeni wakhe u Buthelezi bahleli baxoxa ngodaba Luka Mcebo oyindodana yabo

Buthelezi:Yaz maKhumalo Mina isiqala ukungidida manje indaba kaMcebo

MaKhumalo:(ngokwejabha) yiphi manje indaba kaMcebo Shenge
Buthelezi :Le Eyokuth angabinaye umuntu aphilisana naye
MaKhumalo:ay cha uyangidida nje impela uchaza ukuthini baba (esho embukisisa)
Buthelezi:ngisho umuntu Athandana naye phela Mina Akaze ngambona
MaKhumalo :(emoyizela) hau kodua Shenge umtana akakabi ready ngomuntu wesifazane
Buthelezi :(ngokunganaki) engathi kuzomele abeready ke
MaKhumalo :(ebukisisa umyeni wakhe) baba ucrc ngalento oyushoyo?
Buthelezi :impela nkosikazi ngiqinisile
MaKhumalo :aw ngizwa ngawe Kaz usphezukwan
Buthelezi :akukho lutho engiphezukwalo kodua uMcebo sengimtholele uMakoti futhi uzimf....
MaKhumalo :(emngena emlonyeni) Angzwanga uthi wenzeni!

Kuse msebenzin lapho kusebenza khona uMcebo sebeshayisile usele noNozipho

Mcebo :Kodwa sthandwa sami Mina ngibona Sengath uyagagamela
Nozipho :(emoyizela) hau kodua Shenge awuycabangisise nje lento engiyshoyo
Mcebo :(esembambe nangesandla) Nozy sthandwa sami please ngicela
singa qale siba tshele Abazali
ngalento
Nozipho: hhayi kulungile uma kusho wena Shenge
Mcebo:(ngenjabulo) ngiyabonga sthandwa Sami
Nozipho: hhayi bo bbe asambe manje izimonto zyangishiya
Mcebo:ungakhathazeki cthandwa Sami ngzokuhambisa
Nozipho:(ngenjabulo)ngyabonga sthandwa Sam
Mcebo:hhay ke asamben maNyambose (baphume bakhiye ihhovisi bahambe)

KukwaMthethwa kubo kaNozipho abazali bakhe bakhathazekile ngaye

MaZulu:(ememeza esegumbini lokulala)hau weNyambose Kant uNozipho akabuyi yini namuhla
Mthethwa:ey angaz nm nkosikazi mhlawumbe ubanjezelwe yizinto zokubuya
MaZulu:hhau kodwa ngiyazisa ngomtanami
Mthethwa:hhay awuth ngimsh...(khona lapho kungene uNozipho)hha weMaZulu ayiphathwa indodakazi yakho
MaZulu:(ephuma ekamelen)ngan manje Shenge?
Mthethwa:ngisho ngoba nansi ingena njengoba sikhuluma
MaZulu:hau mtanami wabuya ebusuku kangaka nje kwenzenjan izimonto ubungazitholi Yini?
Nozipho:(eswfofobele kusofa)Cha meah umsebenzi obumningi
MaZulu:hhau sorry mtanami manje ufika ngani ngoba sekuhlwile
Nozipho:ngisizwe ngomunye esisebenza naye meah
MaZulu: hhay cha inkosi ibinawe kusho ukuthi sekuzomele ucele yena akuthathe manje
Mthethwa: uqinisile umama wakho ndodakazi

KukwaButhelezi basajabhile ngokungabuyi kukaMcebo

Makhumalo:uyabon shenge Min useqala ukungicika lomfana Kant uphi ngempela
Buthelezi:nkos

Want your school to be the top-listed School/college in Vryheid?

Click here to claim your Sponsored Listing.

Location

Address

Vryheid